12 Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;ufana nezilwane ezibhubhayo.
13 Le ndlela yabo ingubuwula babo,balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*
14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;ukufa kuyakubalusa,abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,bangabe besaba nandlu.
15 Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wamiesandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*
16 Ungesabi, nxa umuntu eceba,nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.
17 Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho;ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.
18 Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,futhi abantu bekudumisa,ngokuba uzondle kahle,