1 Yizwa amazwi ami, Jehova,uqaphele ukuzindla kwami.
2 Yizwa izwi lokukhala kwami,Nkosi yami, Nkulunkulu wami,ngokuba ngithandaza kuwe.
3 Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
4 Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;omubi akanakuhlala kuwe.
5 Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;uyabazonda bonke abenza okubi.