2 Yizwa izwi lokukhala kwami,Nkosi yami, Nkulunkulu wami,ngokuba ngithandaza kuwe.
3 Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
4 Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;omubi akanakuhlala kuwe.
5 Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;uyabazonda bonke abenza okubi.
6 Uyabhubhisa abakhuluma amanga;uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.
7 Kepha mina ngiyakungena endlini yakhongobuningi bomusa wakho,ngikhothame ngokukuhlonipha,ngibhekene nendawo yakho engcwele.
8 Jehova, ngihole ngokulunga kwakhongenxa yezitha zami,ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.