5 Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;uyabazonda bonke abenza okubi.
6 Uyabhubhisa abakhuluma amanga;uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.
7 Kepha mina ngiyakungena endlini yakhongobuningi bomusa wakho,ngikhothame ngokukuhlonipha,ngibhekene nendawo yakho engcwele.
8 Jehova, ngihole ngokulunga kwakhongenxa yezitha zami,ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.
9 Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo;izibilini zabo zingukonakala:umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo;bayathopha ngolimi lwabo.
10 Balahle ngecala, Nkulunkulu.Mabawe ngenxa yamacebo abo,ubawise ngobuningi beziphambeko zabo,ngokuba bahlubukile kuwe.
11 Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe,bahalalise kuze kube phakade,abathanda igama lakho bethabela kuwe.