9 Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo;izibilini zabo zingukonakala:umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo;bayathopha ngolimi lwabo.
10 Balahle ngecala, Nkulunkulu.Mabawe ngenxa yamacebo abo,ubawise ngobuningi beziphambeko zabo,ngokuba bahlubukile kuwe.
11 Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe,bahalalise kuze kube phakade,abathanda igama lakho bethabela kuwe.
12 Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;umphahla ngomusa njengesihlangu.