16 Kepha komubi uNkulunkulu uthi:“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,
17 ingani uyazonda ukuqondiswa,amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?
18 Uma ubona isela, uvumelana nalo;neziphingi uhlanganyela nazo.
19 Umlomo wakho uwuyekela ebubini;ulimi lwakho luqamba inkohliso.
20 Uhlala uhleba umfowenu;unyevuza indodana kanyoko.
21 Lokho ukwenzile, ngathula;ushaye sengathi nginjengawe;ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.
22 “Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,funa nginidwengule,kungabikho osindisayo.