1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso:“Akakho uNkulunkulu,”iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka;akakho owenza okuhle.
2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantuukubona uma kukhona yini onokuqonda,ofuna uNkulunkulu.
3 Baphambukile bonke,bonakele bonke;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.
4 Abanakwazi yini abenza okubi,abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa,bengakhuleki kuNkulunkulu.