13 kepha nguwe ntanga yami,mhlobo wami nomngane wami.
14 Sasihlalisana kamnandi;sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.
15 Ukufa makubazume,bashonele endaweni yabafileyo besezwa,ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.
16 Mina ngizakukhala kuNkulunkulu;uJehova uzakungisindisa.
17 Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule,abeselizwa izwi lami.
18 Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi,ngokuba baningi abamelene nami.
19 UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule,yena okhona kwaphakade. Sela*Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka,nabangamesabiyo uNkulunkulu.