1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;usuku lonke bayangicindezela belwa.
2 Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
3 Mhla ngesabayongiyakwethemba wena.
4 KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;inyama ingangenzani na?
5 Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;yonke imicabango yabo iqonde ukungona.