1 Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu;yiba nomusa kimi.Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe;ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho,zize zidlule izinhlupheko.
2 Ngizakukhala kuNkulunkulu oPhezukonke,kuNkulunkulu ongifezelayo.
3 Uyakuthumela esezulwini, angisindisemhla ofuna ukungigwinya ekloloda. Sela*UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.
4 Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama;ngilala kwabavutha umlilo,abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo,abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.