6 Bayabuya kusihlwa,bahlaba umkhulungwane njengenja,bezula emzini.
7 Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,kukhona izinkemba ezindebeni zabo,ngokuba bathi:“Ngubani ozwayo na?”
8 Kepha wena Jehova uyabahleka;uyabaklolodela bonke abezizwe.
9 Mandla ami, ngiyakulindela wena,ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10 UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;zizulise ngamandla akho,uzilahle phansi, Nkosi,sihlangu sethu.
12 Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;mazibanjwe ekuzidleni kwazonangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.