1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,ungangishayi ngolaka lwakho.
2 Yiba nomusa kimi, Jehova,ngokuba ngidangele;ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,
3 nomphefumulo wami uyathuthumela,kepha wena Jehova,koze kube nini na?
4 Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami,ungisindise ngenxa yesihawu sakho.