5 Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni;ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?
6 Ngikhathele ukububula kwami;ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku,ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
7 Iso lami liyafiphala ngokudabuka;liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.
8 Dedani kimi nina nonke enenza okubi,ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;
9 uJehova uzwile ukunxusa kwami,uJehova uyamukela umkhuleko wami.
10 Zonke izitha zami ziyakujabha,zishaywe luvalo;ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.