1 Nkulunkulu usilahlile, usichithile;mawubuye usilulamise.
2 Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa;zivale izimfa zawo,ngokuba uyazamazama.
3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima;usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.
4 Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela*
5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
6 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:“Ngiyakwethaba;ngiyakulidabula iShekemi,ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
7 Ngowami uGileyadi,ngowami uManase;u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,uJuda uyintonga yami yokubusa.