4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*
5 Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,wabanika ifa abalesaba igama lakho.
6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.
7 Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.
8 Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.