3 Koze kube nini nisukela umuntuukuba nimbulale nonkenjengodonga olwengemeyonothango oludilikayo na?
4 Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,bathanda amanga;bayabusisa ngomlomo wabo,kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela*
5 Mphefumulo wami,zithulisele kuNkulunkulu kuphela,ngokuba ithemba lami livela kuye.
6 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
7 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
8 Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*
9 Abantwana babantu bangumoya nje,abantwana bezikhulu bangamanga;esilinganisweni bayakhuphuka,balula kunomoya bonke.