6 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
7 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
8 Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*
9 Abantwana babantu bangumoya nje,abantwana bezikhulu bangamanga;esilinganisweni bayakhuphuka,balula kunomoya bonke.
10 Maningakwethembi ukuqhwaga,ningazigabisi ngokuphangiweyo;uma imfuyo yanda,ningayibeki inhliziyo kuyo.
11 UNkulunkulu ukhulumile kanye,ngikuzwe kabiliukuthi amandla angakaNkulunkulu.
12 Nomusa ungowakho, Nkosi;ngokuba wena umphindisela umuntunjengokwenza kwakhe.