1 Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,ngiyakufuna ekuseni;umphefumulo wami womele wena;inyama yami ilangazelela wenaezweni elomileyo eligagadekileyo,lapho amanzi engekho khona.
2 Kanjalo ngikubheka endlini engcwele,ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.
3 Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;izindebe zami ziyakukudumisa.
4 Ngiyakukubonga ngisaphila;ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.
5 Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,
6 Nxa ngikukhumbula ecansini lami,ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.