5 Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,
6 Nxa ngikukhumbula ecansini lami,ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.
7 Ngokuba ungisizile;ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.
8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe;esokunene sakho siyangiphasa.
9 Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulalabayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.
10 Bayakunikelwa esandleni senkemba,babe yisabelo sezimpungushe.
11 Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu;bonke abafunga yena bayakuzibonga;ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.