1 UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise;makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*
2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;mabakubonge abantu bonke.
4 Izizwe mazijabule, zethabe;ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga,uzihola izizwe emhlabeni. Sela*