1 Makavuke uNkulunkulu,zihlakazeke izitha zakhe;abamzondayo babaleka phambi kwakhe.
2 Bamukiswa njengokumukiswa komusi;njengokuncibilika kwengcina phambi komliloababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.
3 Kepha abalungileyo bayajabula;bayethaba phambi kukaNkulunkulubethokoza nokuthokoza.
4 Hlabelelani kuNkulunkulu,nidumise igama lakhe;menzeleni umendo lowo odabula amahlane;igama lakhe linguJehova;yethabani phambi kwakhe,