12 Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.
13 Nxa nilala phakathi kwezibaya,kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva,izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.
14 Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,likhithika iqhwa eSalimoni.
15 Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.
16 Nina zintaba ezineziqongo,yini ukuba niyibuke ngomhawu intabauNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na?Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.
17 Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,izinkulungwane nezinkulungwane;iNkosi iphakathi kwazo;iSinayi lisendaweni engcwele.
18 Wena wenyukela phezulu,wathumba izithunjwa,wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo,ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.