24 Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu,izindwendwe zikaNkulunkulu wami,iNkosi yami, ziya endlini engcwele.
25 Ngaphambili kuhamba abahlabeleli,ngasemuva abashaya ugubhu,ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.
26 Bongani uNkulunkulu emihlanganweni;bongani iNkosi, nina bomthombo ka-Israyeli.
27 Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo,neviyo lezikhulu zakwaJuda,izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.
28 UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho;qinisa, Nkulunkulu,lokho ozenzela khona.
29 Ngenxa yethempeli lakho eJerusalemaamakhosi ayakukulethela izipho.
30 Zikhuze izilwane zasemhlangeni,umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu,azithobise phansi ngezinqamu zesiliva;uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.