27 Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo,neviyo lezikhulu zakwaJuda,izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.
28 UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho;qinisa, Nkulunkulu,lokho ozenzela khona.
29 Ngenxa yethempeli lakho eJerusalemaamakhosi ayakukulethela izipho.
30 Zikhuze izilwane zasemhlangeni,umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu,azithobise phansi ngezinqamu zesiliva;uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.
31 Izikhulu ziyakuvela eGibithe;amaKushe ayakwelulela ngokusheshaizandla zawo kuNkulunkulu.
32 Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu,nidumise iNkosi, Sela*
33 yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo;bhekani, iyezwakalisa izwi layo,izwi elinamandla.