6 uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,akhiphele iziboshwa ekubuseni;ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.
7 Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho,ekudabuleni kwakho ihlane, Sela*
8 umhlaba wazamazama,izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu,neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu,uNkulunkulu ka-Israyeli.
9 Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu;ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.
10 Ibandla lakho lakha kulo;ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.
11 INkosi iphumisa izwi;abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.
12 Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.