30 Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,ngimphakamise ngokubonga.
31 Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,kunenkunzi enezimpondo nezinselo.
32 Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;nina enifuna uNkulunkulu,inhliziyo yenu mayiphile.
33 Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,neziboshwa zakhe akazideleli.
34 Uyakubongwa yizulu nomhlaba,yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.
35 Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,akhe imizi yakwaJuda;bazakuhlala khona, ibe yifa labo.
36 Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.