1 Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli,kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
2 Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.
3 Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,lapho ngibona ukubusa kwababi.
4 Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo,namandla abo aqinile.
5 Abahlupheki njengabanye abantu;abahlushwa njengabanye abantu.
6 Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;indluzula ibembesa njengengubo.