12 Bheka, laba bayibo ababi;bazinza njalo; bandisa imfuyo.
13 Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,ngahlamba izandla zami ngingenacala,
14 ngokuba ngahlushwa usuku lonke;kwasa ngijeziswa.
15 Uma bengithe,ngizakukhuluma kanjalo,bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
16 Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,kwaba luhlupho emehlweni ami,
17 ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.
18 Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;ubawisa babe yincithakalo.