18 Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;ubawisa babe yincithakalo.
19 Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!Bashona, babhubha benovalo.
20 Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21 Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,kuhlaba ezinsweni zami,
22 ngaba yisiphukuphuku,angaqonda lutho;ngaba yisilwane kuwe.
23 Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;ungibambile ngesandla sami sokunene.
24 Uyakungihola ngesiluleko sakho,andukuba ungamukele enkazimulweni.