20 Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21 Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,kuhlaba ezinsweni zami,
22 ngaba yisiphukuphuku,angaqonda lutho;ngaba yisilwane kuwe.
23 Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;ungibambile ngesandla sami sokunene.
24 Uyakungihola ngesiluleko sakho,andukuba ungamukele enkazimulweni.
25 Nginobani ezulwini na?Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yaminesabelo sami kuze kube phakade.