6 Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;indluzula ibembesa njengengubo.
7 Amehlo abo aphinqekile ngokunona;imicabango yenhliziyo iyachichima.
8 Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;bakhuluma besekuphakamemi.
9 Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;ulimi lwabo luhambela emhlabeni.
10 Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;amanzi amaningi bazimuncela wona.
11 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”
12 Bheka, laba bayibo ababi;bazinza njalo; bandisa imfuyo.