11 Usihoshelani isandla sakho,isandla sakho sokunene, na?Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.
12 Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakadeeyenza insindiso emhlabeni.
13 Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho,wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.
14 Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani,*wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.
15 Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana;nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.
16 Usuku ngolwakho,nobusuku ngobakho;nguwena owenza ukukhanya nelanga.
17 Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba;nguwe owenza ihlobo nobusika.