1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2 Itabernakele* lakhe liseSalema,nendlu yakhe iseSiyoni.
3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*
4 Uyakhazimula ngobukhosi,lapho uvela ezintabeni zempango.
5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,balele ubuthongo babo;amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6 Ngokusola kwakho,Nkulunkulu kaJakobe,kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.