13 Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa;wamisa amanzi njengodonga.
14 Wabahola ngefu emini,nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.
15 Waqhekeza amadwala ehlane,wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.
16 Waphumisa edwaleni izifufula,wehlisa amanzi njengemifula.
17 Nokho baqhubeka benza ukona kuye,baphambana noPhezukonke ehlane.
18 Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabongokucela ukudla abakufisayo.
19 Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:“UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?