32 Nokho bona njalo,abakholwanga yizimangaliso zakhe.
33 Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.
34 Lapho ebabulala, bamfuna;babuye bamfunisisa uNkulunkulu.
35 Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.
36 Kepha bamthopha ngomlomo wabo,baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;
37 ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,bengathembekile esivumelwaneni sakhe.
38 Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo,akabhubhisanga;yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe,akavusanga lonke ulaka lwakhe.