4 asinakukufihla kubantwana babo,izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo,namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.
5 Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe,wabeka umthetho kwa-Israyeli,ayala ngawo obabaukuba bafundise abantwana babo,
6 ukuze isizukulwane esilandelayo sazi,abantwana abayakuzalwa,bavuke, batshele abantwana babo,
7 babeke ithemba labo kuNkulunkulu,bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu,kepha bagcine imiyalo yakhe.
8 Bangabi njengawoyise,isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.
9 Abantu bakwa-Efrayimi,sebehlomile bephethe iminsalo,babuyela emuva ngosuku lokulwa.
10 Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,