40 Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane,bemdabukisa kwahlongasibi.
41 Babuye bamlinga uNkulunkulu,bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.
42 Abakhumbulanga isandla sakhenosuku abahlenga ngalo ezitheni,
43 lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithenezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.
44 Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi,ukuze bangabi nakuphuza.
45 Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayonamasele ababhubhisayo.
46 Wanika imiswenya ukudla kwabo,nomsebenzi wabo isikhonyane.