51 Washaya amazibulo onke aseGibithe,okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.
52 Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;wabahola ehlane njengomhlambi.
53 Wabahola kahle, abaze besaba;kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.
54 Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.
55 Waxosha abezizwe phambi kwabo;edabula izwe wababela ifa,wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
56 Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke,abaze bagcina imiyalo yakhe.
57 Bahoshekela emuva,bakhohlisa njengawoyise,baphenduka njengomnsalo ogejayo.