9 Abantu bakwa-Efrayimi,sebehlomile bephethe iminsalo,babuyela emuva ngosuku lokulwa.
10 Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,
11 bakhohlwa imisebenzi yakhenezimangaliso zakhe abebabonisile zona.
12 Wazenza izimangaliso emehlweni awoyiseezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.
13 Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa;wamisa amanzi njengodonga.
14 Wabahola ngefu emini,nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.
15 Waqhekeza amadwala ehlane,wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.