5 Koze kube nini, Jehova,uthukuthele njalo,ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?
6 Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyonaphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.
7 Ngokuba sebemdlile uJakobe,umuzi wakhe sebewuchithile.
8 Mawungasibaleli amacala akuqala;umusa wakho mawusheshe usihlangabeze,ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.
9 Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,ngenxa yenkazimulo yegama lakho;usikhulule, usithethelele izono zethungenxa yegama lakho.
10 Bangasholoni abezizwe ukuthi:“Uphi uNkulunkulu wabo na?”Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethuukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.
11 Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho;londoloza ngobukhulu bengaloyakho asebengabantwana bokufa.