7 Ngokuba sebemdlile uJakobe,umuzi wakhe sebewuchithile.
8 Mawungasibaleli amacala akuqala;umusa wakho mawusheshe usihlangabeze,ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.
9 Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,ngenxa yenkazimulo yegama lakho;usikhulule, usithethelele izono zethungenxa yegama lakho.
10 Bangasholoni abezizwe ukuthi:“Uphi uNkulunkulu wabo na?”Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethuukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.
11 Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho;londoloza ngobukhulu bengaloyakho asebengabantwana bokufa.
12 Buyisela kubakhelwane bethu,kuphindwe kasikhombisa esifubeni saboinhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.
13 Khona thina bantu bakho,izimvu zedlelo lakho,siyakukubonga kuze kube phakade,sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.