1 Jehova Nkosi yethu,igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.
2 Ngomlomo wezingane nowabancelayowagxilisa amandla ngenxa yabamelene naweukuba uthulise isitha nophindisayo.
3 Lapha ngibuka izulu lakho,umsebenzi weminwe yakho,inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,
4 umuntu uyini ukuba umkhumbule,nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
5 Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu,wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.
6 Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe: