2 Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase,uze ukusisindisa.
3 Sibuyise, Nkulunkulu,ukhanyise ubuso bakho,khona siyakusindiswa.
4 Jehova Nkulunkulu Sebawoti,koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?
5 Wabapha isinkwa sezinyembezi,wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.
6 Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu,nezitha zethu zisihleka usulu.
7 Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti,ukhanyise ubuso bakho,khona siyakusindiswa.
8 Wakhipha umvini eGibithe,waxosha abezizwe, watshala wona.