5 Wabapha isinkwa sezinyembezi,wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.
6 Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu,nezitha zethu zisihleka usulu.
7 Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti,ukhanyise ubuso bakho,khona siyakusindiswa.
8 Wakhipha umvini eGibithe,waxosha abezizwe, watshala wona.
9 Wawulungisela indawo phambi kwawo,wagxila, wagcwalisa umhlaba.
10 Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo,nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.
11 Wenabisa amagatsha awo,aze afika elwandle,namaxhantela awo, aze afika emfuleni.