1 Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.
2 Umphefumulo wami ulangazelela,womela amagceke kaJehova;inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
3 Ngokuba umzwilili ufumene indlu,nenkonjane isidleke sayo,lapho ibeka khona amazinyane ayo,ngisho ama-altare akho,Jehova Sebawoti,Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
4 Babusisiwe abahlala endlini yakho;bayakuhlala bebonga wena. Sela*
5 Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.
6 Bedabula imfunda yezinyembezibayenza ibe yindawo yeziphethu;yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.