4 Thokozisa umphefumulo wenceku yakho,ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.
5 Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
6 Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,ulalele izwi lokunxusa kwami.
7 Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,ngokuba uzakungiphendula.
8 Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi;akukho okunjengemisebenzi yakho.
9 Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke,zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.
10 Ngokuba umkhulu wena,uyenza izimangaliso,unguNkulunkulu wena wedwa.