16 Egameni lakho siyathokoza usuku lonke;ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.
17 Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo;ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
18 Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova;inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:“Ngibekile usizo eqhaweni,ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
20 Ngifumene inceku yami uDavide,ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.
21 Isandla sami siyakuba naye siqinile,ingalo yami iyakumqinisa.
22 Isitha asiyikumahlula,nendodana yobubi ayiyikumhlupha.