19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:“Ngibekile usizo eqhaweni,ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
20 Ngifumene inceku yami uDavide,ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.
21 Isandla sami siyakuba naye siqinile,ingalo yami iyakumqinisa.
22 Isitha asiyikumahlula,nendodana yobubi ayiyikumhlupha.
23 Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe,ngihluphe abamzondayo.
24 Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye;egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
25 Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle,esokunene sakhe phezu kwemifula.