28 Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade;isivumelwano sami soba siqinile kuye.
29 Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade,isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.
30 “Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wamibengahambi ngezahlulelo zami,
31 uma bephula izimiso zamibengagcini imiyalo yami,
32 ngiyakuhambela izono zabo ngenduku,namacala abo ngemivimbo.
33 Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye,ngingaphikisi ukuthembeka kwami.
34 Angiyikwaphula isivumelwano sami,nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.