42 Uphakamisile esokunene sabamelene naye,wajabulisa zonke izitha zakhe.
43 Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe,awumvumelanga ukuma ekulweni.
44 Ususile inkazimulo yakhe,wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi.
45 Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe,wamthela ngamahloni. Sela*
46 Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova,nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?
47 Khumbula ukuthi isikhathi sami singakananinokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.
48 Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa,akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela*